Unumeri 34:17-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. “Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu: u-Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni.

18. Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.

19. “Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.

20. Esizweni sabantwana bakwaSimeyoni: nguShemuweli indodana ka-Amihudi.

21. Esizweni sakwaBenjamini: ngu-Elidadi indodana kaKisiloni.

22. Esizweni sabantwana bakwaDani: yisikhulu uBuki indodana kaJogili.

23. Kubantwana bakwaJosefa: esizweni sabantwana bakwaManase: yisikhulu uHaniyeli indodana ka-Efodi.

24. Esizweni sabantwana bakwa-Efrayimi: yisikhulu uKemuweli indodana kaShifethani.

25. Esizweni sabantwana bakwaZebuloni: yisikhulu u-Elisafani indodana kaParinaki.

26. Esizweni sabantwana bakwa-Isakare: yisikhulu uPalitiyeli indodana ka-Azani.

27. Esizweni sabantwana bakwa Asheri: yisikhulu u-Ahihudi indodana kaShelomi.

28. Esizweni sabantwana bakwaNafetali: yisikhulu uPedaheli indodana ka-Amihudi.”

29. Yilabo uJehova abayala ukwahlukanisela abantwana bakwa-Israyeli ifa ezweni laseKhanani.

Unumeri 34