16. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
17. “Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu: u-Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni.
18. Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.
19. “Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.
20. Esizweni sabantwana bakwaSimeyoni: nguShemuweli indodana ka-Amihudi.
21. Esizweni sakwaBenjamini: ngu-Elidadi indodana kaKisiloni.
22. Esizweni sabantwana bakwaDani: yisikhulu uBuki indodana kaJogili.
23. Kubantwana bakwaJosefa: esizweni sabantwana bakwaManase: yisikhulu uHaniyeli indodana ka-Efodi.
24. Esizweni sabantwana bakwa-Efrayimi: yisikhulu uKemuweli indodana kaShifethani.
25. Esizweni sabantwana bakwaZebuloni: yisikhulu u-Elisafani indodana kaParinaki.
26. Esizweni sabantwana bakwa-Isakare: yisikhulu uPalitiyeli indodana ka-Azani.
27. Esizweni sabantwana bakwa Asheri: yisikhulu u-Ahihudi indodana kaShelomi.
28. Esizweni sabantwana bakwaNafetali: yisikhulu uPedaheli indodana ka-Amihudi.”