Unumeri 34:16-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

17. “Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu: u-Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni.

18. Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.

19. “Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.

20. Esizweni sabantwana bakwaSimeyoni: nguShemuweli indodana ka-Amihudi.

21. Esizweni sakwaBenjamini: ngu-Elidadi indodana kaKisiloni.

22. Esizweni sabantwana bakwaDani: yisikhulu uBuki indodana kaJogili.

Unumeri 34