Unumeri 34:13-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye,

14. ngokuba isizwe sabantwana bakwaRubeni njengezindlu zawoyise nesizwe sabantwana bakwaGadi njengezindlu zawoyise sezilitholile, nenxenye yesizwe sakwaManase isilitholile ifa layo;

15. lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga.”

16. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

17. “Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu: u-Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni.

18. Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.

19. “Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.

20. Esizweni sabantwana bakwaSimeyoni: nguShemuweli indodana ka-Amihudi.

21. Esizweni sakwaBenjamini: ngu-Elidadi indodana kaKisiloni.

22. Esizweni sabantwana bakwaDani: yisikhulu uBuki indodana kaJogili.

23. Kubantwana bakwaJosefa: esizweni sabantwana bakwaManase: yisikhulu uHaniyeli indodana ka-Efodi.

24. Esizweni sabantwana bakwa-Efrayimi: yisikhulu uKemuweli indodana kaShifethani.

25. Esizweni sabantwana bakwaZebuloni: yisikhulu u-Elisafani indodana kaParinaki.

26. Esizweni sabantwana bakwa-Isakare: yisikhulu uPalitiyeli indodana ka-Azani.

27. Esizweni sabantwana bakwa Asheri: yisikhulu u-Ahihudi indodana kaShelomi.

28. Esizweni sabantwana bakwaNafetali: yisikhulu uPedaheli indodana ka-Amihudi.”

29. Yilabo uJehova abayala ukwahlukanisela abantwana bakwa-Israyeli ifa ezweni laseKhanani.

Unumeri 34