Unumeri 33:38-56 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. U-Aroni umpristi wakhuphukela entabeni yaseHori ngesiyalezo sikaJehova, wafela khona ngomnyaka wamashumi amane emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngenyanga yesihlanu ngolokuqala lwenyanga.

39. U-Aroni wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili nantathu mhla efela entabeni yaseHori.

40. UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owahlala eningizimu ezweni laseKhanani, wezwa ngokufika kwabantwana bakwa-Israyeli.

41. Basuka entabeni yaseHori, bamisa eSalimona.

42. Basuka eSalimona, bamisa ePunoni.

43. Basuka ePunoni, bamisa e-Oboti.

44. Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi emkhawulweni wakwaMowabi.

45. Basuka e-Iyimi, bamisa eDiboniGadi.

46. Basuka eDiboni Gadi, bamisa e-Alimoni Dibilatayimi.

47. Basuka e-Alimoni Dibilatayimi, bamisa ezintabeni zase-Abarimi ngaphambi kweNebo.

48. Basuka ezintabeni zase-Abarimi, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.

49. Bamisa ngaseJordani kusukela eBeti Jeshimoti kuze kufike e-Abela Shithimi emathafeni akwaMowabi.

50. UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi:

51. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa niwela iJordani ukuba ningene ezweni laseKhanani,

52. niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nichithe yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo,

53. nidle ifa lezwe, nihlale kulo, ngokuba ngininikile izwe ukuba nilidle.

54. Niyakulidla izwe ngenkatho ngokwemindeni yakini, abaningi nibanike ifa elikhulu, nabayingcosana nibanike ifa elincane, nakuphi lapho inkatho imudla khona umuntu, kuzakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwe zawoyihlo.

55. “ ‘Kepha uma ningaxoshi abantu bezwe phambi kwenu, labo enibashiyayo bayakuba njengezinkandi emehlweni enu nanjengameva ezinhlangothini zenu, banikhathaze ezweni enihlala kulo.

56. Kuyakuthi njengalokho bengithi ngiyakwenza kubo, ngenze njalo nakini.’ ”

Unumeri 33