Unumeri 33:33-45 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Basuka eHori Hagidigadi, bamisa eJothabata.

34. Basuka eJothabata, bamisa e-Abrona.

35. Basuka e-Abrona, bamisa e-Esiyoni Geberi.

36. Basuka e-Esiyoni Geberi, bamisa ehlane laseSini eliyiKadeshi.

37. Basuka eKadeshi, bamisa entabeni yaseHori eceleni kwezwe lakwa-Edomi.

38. U-Aroni umpristi wakhuphukela entabeni yaseHori ngesiyalezo sikaJehova, wafela khona ngomnyaka wamashumi amane emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngenyanga yesihlanu ngolokuqala lwenyanga.

39. U-Aroni wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili nantathu mhla efela entabeni yaseHori.

40. UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owahlala eningizimu ezweni laseKhanani, wezwa ngokufika kwabantwana bakwa-Israyeli.

41. Basuka entabeni yaseHori, bamisa eSalimona.

42. Basuka eSalimona, bamisa ePunoni.

43. Basuka ePunoni, bamisa e-Oboti.

44. Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi emkhawulweni wakwaMowabi.

45. Basuka e-Iyimi, bamisa eDiboniGadi.

Unumeri 33