1. Nanka amabanga ohambo lwabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ngawo ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose nesika-Aroni.
2. UMose waloba ngokuhamba kwabo ngamabanga abo ngesiyalezo sikaJehova; nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo.
3. Basuka eRamsesi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yokuqala; ngolwangakusasa emva kwephasika abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakemeyo emehlweni abo bonke abaseGibithe,
4. abaseGibithe besembela onke amazibulo abo abulawa kubo nguJehova, uJehova ebahlulele nawonkulunkulu babo.
5. Abantwana bakwa-Israyeli basuka-ke eRamsesi, bamisa eSukoti.
6. Basuka eSukoti, bamisa e-Etamu eliseceleni kwehlane.
7. Basuka e-Etamu, babuyela ePhi Hahiroti elingaphambi kweBali Sefoni; bamisa phambi kweMigidoli.
8. Basuka eHahiroti, badabula phakathi kolwandle, baya ehlane, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu ehlane lase-Etamu, bamisa eMara.
9. Basuka eMara, bafika e-Elimi; e-Elimi kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona.
10. Basuka e-Elimi, bamisa ngaseLwandle Olubomvu.
11. Basuka eLwandle oluBomvu, bamisa ehlane laseSini.
12. Basuka ehlane laseSini, bamisa eDofika.
13. Basuka eDofika, bamisa e-Alushi.
14. Basuka e-Alushi, bamisa eRefidimi, lapho kwakungekho manzi khona ukuba abantu baphuze.
15. Basuka eRefidimi, bamisa ehlane laseSinayi.
16. Basuka ehlane laseSinayi, bamisa eKibiroti Hathawa.
17. Basuka eKibiroti Hathawa, bamisa eHaseroti.
18. Basuka eHaseroti, bamisa eRitima.