Unumeri 32:6-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. UMose wayesethi kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni: “Abafowenu bayakuphuma impi, nina nihlale lapha, na?

7. Niqedelani inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangaweli ukuya ezweni uJehova abanike lona na?

8. Benze njalo oyihlo mhla ngibathuma besuka eKadeshi Barineya ukubona izwe.

9. Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase-Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona.

10. Intukuthelo kaJehova yavutha ngalolo suku, wafunga wathi:

11. ‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, akayikubona noyedwa izwe engalifungela u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo,

12. ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba bamlandele uJehova ngokupheleleyo.’

13. Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova.

14. “Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli.

15. Ngokuba uma nibuyela emuva ekumlandeleni, uyakubuye abashiye ehlane, nize nibhubhise laba bantu.”

16. Basondela kuye, bathi: “Siyakwakhela lapha izinkomo zethu izibaya nabancane bethu imizi;

Unumeri 32