Unumeri 32:5-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Bathi futhi: “Uma sifumene umusa emehlweni akho, leli zwe malinikwe izinceku zakho libe yifa lazo; ungasiwelisi iJordani.”

6. UMose wayesethi kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni: “Abafowenu bayakuphuma impi, nina nihlale lapha, na?

7. Niqedelani inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangaweli ukuya ezweni uJehova abanike lona na?

8. Benze njalo oyihlo mhla ngibathuma besuka eKadeshi Barineya ukubona izwe.

9. Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase-Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona.

10. Intukuthelo kaJehova yavutha ngalolo suku, wafunga wathi:

11. ‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, akayikubona noyedwa izwe engalifungela u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo,

12. ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba bamlandele uJehova ngokupheleleyo.’

13. Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova.

14. “Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli.

15. Ngokuba uma nibuyela emuva ekumlandeleni, uyakubuye abashiye ehlane, nize nibhubhise laba bantu.”

16. Basondela kuye, bathi: “Siyakwakhela lapha izinkomo zethu izibaya nabancane bethu imizi;

17. kepha thina uqobo lwethu siyakushesha sihlome, sihambe phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, size sibafinyelelise endaweni yabo, abancane bethu bahlale emizini ebiyelweyo ngenxa yabakhileyo ezweni.

18. Asiyikubuyela ezindlini zethu, abantwana bakwa-Israyeli bengakalidli ifa labo, kube yilowo nalowo wabo.

19. Ngokuba asiyikulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani nangaphambili, lokhu silidlile elethu nganeno kweJordani ngasempumalanga.”

Unumeri 32