Unumeri 32:40-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

40. UMose wanika uMakiri indodana kaManase elakwaGileyadi, wahlala kulo.

41. UJayire indodana kaManase wahamba wathatha imizana yalo, wayibiza ngokuthi iHawoti Jayire.

42. UNoba wahamba wathatha iKhenati nemizana yalo, walibiza ngokuthi iNoba ngegama lakhe.

Unumeri 32