Unumeri 32:35-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. ne-Athiroti Shofanu, neJazeri, neJogibeha,

36. neBeti Nimra, neBeti Harana, imizi ebiyelweyo nezibaya zezimvu.

37. Abantwana bakwaRubeni babuye bakha iHeshiboni, ne-Elehale, neKiriyatayimi,

38. neNebo, neBali Mehoni iphendulwe ngamagama neSibima; banika imizi abayakhayo amanye amagama.

39. Abantwana bakwaMakiri indodana kaManase baya kwaGileyadi, balithatha, baxosha ama-Amori ayekulo.

Unumeri 32