Unumeri 32:31-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni baphendula bathi: “Njengalokho uJehova eshilo kuzo izinceku zakho, siyakwenze njalo.

32. Siyakuwela, siye ezweni laseKhanani phambi kukaJehova sihlomile, izwe lefa lethu lisale nokho ngaphesheya kweJordani.”

33. UMose wayesebanika abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase indodana kaJosefa umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBashani, izwe nemizi yalo namaphethelo ayo, imizi yezwe nxazonke.

34. Abantwana bakwaGadi bakha iDiboni, ne-Athoriti, ne-Aroweri,

35. ne-Athiroti Shofanu, neJazeri, neJogibeha,

36. neBeti Nimra, neBeti Harana, imizi ebiyelweyo nezibaya zezimvu.

37. Abantwana bakwaRubeni babuye bakha iHeshiboni, ne-Elehale, neKiriyatayimi,

38. neNebo, neBali Mehoni iphendulwe ngamagama neSibima; banika imizi abayakhayo amanye amagama.

39. Abantwana bakwaMakiri indodana kaManase baya kwaGileyadi, balithatha, baxosha ama-Amori ayekulo.

40. UMose wanika uMakiri indodana kaManase elakwaGileyadi, wahlala kulo.

41. UJayire indodana kaManase wahamba wathatha imizana yalo, wayibiza ngokuthi iHawoti Jayire.

42. UNoba wahamba wathatha iKhenati nemizana yalo, walibiza ngokuthi iNoba ngegama lakhe.

Unumeri 32