28. UMose wayeseyala u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zezindlu zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ngabo.
29. UMose wathi kubo: “Uma abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke abahlomele ukulwa, phambi kukaJehova, izwe linqotshwe phambi kwenu, niyakubanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo;
30. kepha uma bengaweli nani behlomile, bayakunikwa ifa phakathi kwenu ezweni laseKhanani.”
31. Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni baphendula bathi: “Njengalokho uJehova eshilo kuzo izinceku zakho, siyakwenze njalo.
32. Siyakuwela, siye ezweni laseKhanani phambi kukaJehova sihlomile, izwe lefa lethu lisale nokho ngaphesheya kweJordani.”