Unumeri 32:15-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Ngokuba uma nibuyela emuva ekumlandeleni, uyakubuye abashiye ehlane, nize nibhubhise laba bantu.”

16. Basondela kuye, bathi: “Siyakwakhela lapha izinkomo zethu izibaya nabancane bethu imizi;

17. kepha thina uqobo lwethu siyakushesha sihlome, sihambe phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, size sibafinyelelise endaweni yabo, abancane bethu bahlale emizini ebiyelweyo ngenxa yabakhileyo ezweni.

18. Asiyikubuyela ezindlini zethu, abantwana bakwa-Israyeli bengakalidli ifa labo, kube yilowo nalowo wabo.

19. Ngokuba asiyikulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani nangaphambili, lokhu silidlile elethu nganeno kweJordani ngasempumalanga.”

20. UMose wayesethi kubo: “Uma nenza lokhu, uma nihloma ukuba nihambe phambi kukaJehova, niphume impi,

21. kuwele iJordani onke amadoda enu ahlomileyo phambi kukaJehova, aze axoshe izitha zakhe phambi kwakhe,

22. izwe linqotshwe phambi kukaJehova, khona ngasemuva niyakubuya, nibe ngabangenacala kuJehova naku-Israyeli, leli zwe libe yifa lenu phambi kukaJehova.

23. “Kepha uma ningenzi njalo, bhekani, nonile kuJehova; yazini ukuthi isono senu siyakunifumana.

24. Zakheleni imizi yabancane benu nezibaya zezimvu zenu, nikwenze lokho okuphumileyo emlonyeni wenu.”

25. Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bakhuluma kuMose, bathi: “Izinceku zakho ziyakwenza njengalokhu inkosi yami iyala.

26. Abancane bethu, nawomkethu, nezimvu zethu, nazo zonke izinkomo zethu kuyakuba lapho emizini yakwaGileyadi,

27. kepha izinceku zakho ziyakuwela, kube yilowo nalowo ohlomele ukulwa, phambi kukaJehova, ziphume impi, njengalokhu isho inkosi yami.”

28. UMose wayeseyala u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zezindlu zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ngabo.

29. UMose wathi kubo: “Uma abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke abahlomele ukulwa, phambi kukaJehova, izwe linqotshwe phambi kwenu, niyakubanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo;

30. kepha uma bengaweli nani behlomile, bayakunikwa ifa phakathi kwenu ezweni laseKhanani.”

Unumeri 32