11. ‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, akayikubona noyedwa izwe engalifungela u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo,
12. ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba bamlandele uJehova ngokupheleleyo.’
13. Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova.
14. “Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli.
15. Ngokuba uma nibuyela emuva ekumlandeleni, uyakubuye abashiye ehlane, nize nibhubhise laba bantu.”