10. Intukuthelo kaJehova yavutha ngalolo suku, wafunga wathi:
11. ‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, akayikubona noyedwa izwe engalifungela u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo,
12. ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba bamlandele uJehova ngokupheleleyo.’
13. Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova.
14. “Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli.
15. Ngokuba uma nibuyela emuva ekumlandeleni, uyakubuye abashiye ehlane, nize nibhubhise laba bantu.”
16. Basondela kuye, bathi: “Siyakwakhela lapha izinkomo zethu izibaya nabancane bethu imizi;
17. kepha thina uqobo lwethu siyakushesha sihlome, sihambe phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, size sibafinyelelise endaweni yabo, abancane bethu bahlale emizini ebiyelweyo ngenxa yabakhileyo ezweni.
18. Asiyikubuyela ezindlini zethu, abantwana bakwa-Israyeli bengakalidli ifa labo, kube yilowo nalowo wabo.
19. Ngokuba asiyikulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani nangaphambili, lokhu silidlile elethu nganeno kweJordani ngasempumalanga.”
20. UMose wayesethi kubo: “Uma nenza lokhu, uma nihloma ukuba nihambe phambi kukaJehova, niphume impi,
21. kuwele iJordani onke amadoda enu ahlomileyo phambi kukaJehova, aze axoshe izitha zakhe phambi kwakhe,
22. izwe linqotshwe phambi kukaJehova, khona ngasemuva niyakubuya, nibe ngabangenacala kuJehova naku-Israyeli, leli zwe libe yifa lenu phambi kukaJehova.
23. “Kepha uma ningenzi njalo, bhekani, nonile kuJehova; yazini ukuthi isono senu siyakunifumana.
24. Zakheleni imizi yabancane benu nezibaya zezimvu zenu, nikwenze lokho okuphumileyo emlonyeni wenu.”
25. Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bakhuluma kuMose, bathi: “Izinceku zakho ziyakwenza njengalokhu inkosi yami iyala.