1. Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenemfuyo eningi, nalapho belibona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi ukuthi leyo ndawo iyindawo yezinkomo,
2. abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni beza bakhuluma kuMose, naku-Eleyazare umpristi, nakuzo izikhulu zenhlangano, bathi:
3. “I-Atharoti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elehale, neSebamu, neNebo, neBehoni,
4. izwe alinqoba uJehova phambi kwenhlangano ka-Israyeli liyizwe lezinkomo, futhi izinceku zakho zinezinkomo.”
5. Bathi futhi: “Uma sifumene umusa emehlweni akho, leli zwe malinikwe izinceku zakho libe yifa lazo; ungasiwelisi iJordani.”
6. UMose wayesethi kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni: “Abafowenu bayakuphuma impi, nina nihlale lapha, na?
7. Niqedelani inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangaweli ukuya ezweni uJehova abanike lona na?
8. Benze njalo oyihlo mhla ngibathuma besuka eKadeshi Barineya ukubona izwe.
9. Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase-Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona.