Unumeri 31:9-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo, nazo zonke izimvu zabo, nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo.

10. Yonke imizi yabo yasezindaweni, lapho bebehlala khona, nawo onke amakamu* abo bakushisa ngomlilo.

11. Bathatha yonke impango nayo yonke impahla edliweyo, abantu nezilwane.

12. Baletha abathunjwa, nempango, nempahla edliweyo kuMose naku-Eleyazare umpristi, nakuyo inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ekamu* emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko.

13. OMose, no-Eleyazare umpristi, nazo zonke izikhulu zenhlangano baphuma ukubahlangabeza ngaphandle kwekamu.*

14. UMose wazithukuthelela iziphathimandla zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazibuya empini.

15. UMose wathi kuzo: “Nisindisile bonke abesifazane na?

16. Bhekani, laba benza ukuba abantwana bakwa-Israyeli ngesiluleko sikaBileyamu baphambeke kuJehova ngendaba yasePeyori, kwaba khona isifo phakathi kwenhlangano kaJehova.

17. Ngalokho bulalani manje bonke abesilisa phakathi kwabantwana, nibulale nabo bonke abesifazane abayazi indoda ngokulala nayo.

18. Kepha onke amantombazana angazanga ndoda ngokulala nayo, nizisindisele wona.

19. “Misani ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; yilowo nalowo obulele umuntu, nalowo othintile obuleweyo, makaziphothule ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, nina nabathunjwa benu.

20. Nazo zonke izingubo, nakho konke okwenziwe ngesikhumba, nayo yonke imisebenzi yoboya bezimbuzi, nazo zonke izinto ezenziwe ngomuthi, niyakuziphothula mayelana nakho.”

21. Umpristi u-Eleyazare wathi kumadoda empi ayeyile ekulweni: “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayale ngaso uMose:

Unumeri 31