Unumeri 31:44-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

44. nezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha,

45. nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu namakhulu ayisihlanu,

46. nabantu abayizinkulungwane eziyishumi nesithupha

47. yebo, kule nxenye yabantwana bakwa-Israyeli uMose wathatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu nawezilwane, wakunika amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

48. Iziphathimandla ezaziphezu kwezinkulungwane zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, zasondela kuMose, zathi kuMose:

49. “Izinceku zakho zibale onke amadoda empi asesandleni sethu, akwasala neyodwa yethu.

Unumeri 31