Unumeri 31:3-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. UMose wayesekhuluma kubantu, wathi: “Hlomiselani impi amadoda phakathi kwenu ukuba ahlasele abakwaMidiyani, aphindisele uJehova kwabakwaMidiyani;

4. kuleso naleso sizwe njalo anoyithuma empini inkulungwane ezizweni zonke zakwa-Israyeli.”

5. Kwase kunikelwa ezinkulungwaneni zakwa-Israyeli inkulungwane kuleso naleso sizwe, izinkulungwane eziyishumi nambili, zihlonyiselwe impi.

6. UMose wabathuma empini, kwaba yinkulungwane kuleso naleso sizwe, bona noFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi, baye naye empini ephethe impahla yendlu engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi esandleni sakhe.

7. Balwa noMidiyani, njengalokho uJehova emyalile uMose, babulala abesilisa bonke.

8. Babulala amakhosi akwaMidiyani kanye nabanye ababulawayo: o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; noBileyamu indodana kaBeyori bambulala ngemkemba.

9. Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo, nazo zonke izimvu zabo, nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo.

10. Yonke imizi yabo yasezindaweni, lapho bebehlala khona, nawo onke amakamu* abo bakushisa ngomlilo.

11. Bathatha yonke impango nayo yonke impahla edliweyo, abantu nezilwane.

12. Baletha abathunjwa, nempango, nempahla edliweyo kuMose naku-Eleyazare umpristi, nakuyo inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ekamu* emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko.

13. OMose, no-Eleyazare umpristi, nazo zonke izikhulu zenhlangano baphuma ukubahlangabeza ngaphandle kwekamu.*

14. UMose wazithukuthelela iziphathimandla zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazibuya empini.

15. UMose wathi kuzo: “Nisindisile bonke abesifazane na?

16. Bhekani, laba benza ukuba abantwana bakwa-Israyeli ngesiluleko sikaBileyamu baphambeke kuJehova ngendaba yasePeyori, kwaba khona isifo phakathi kwenhlangano kaJehova.

17. Ngalokho bulalani manje bonke abesilisa phakathi kwabantwana, nibulale nabo bonke abesifazane abayazi indoda ngokulala nayo.

18. Kepha onke amantombazana angazanga ndoda ngokulala nayo, nizisindisele wona.

19. “Misani ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; yilowo nalowo obulele umuntu, nalowo othintile obuleweyo, makaziphothule ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, nina nabathunjwa benu.

20. Nazo zonke izingubo, nakho konke okwenziwe ngesikhumba, nayo yonke imisebenzi yoboya bezimbuzi, nazo zonke izinto ezenziwe ngomuthi, niyakuziphothula mayelana nakho.”

21. Umpristi u-Eleyazare wathi kumadoda empi ayeyile ekulweni: “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayale ngaso uMose:

22. kuphela igolide, nesiliva, nethusi, nensimbi, nethini,* nomthofu,

23. konke okungahlala emlilweni, niyakukudabulisa emlilweni, kuhlambuluke; kodwa kuyakuhlanjululwa ngamanzi okuphothula, kepha konke okungenakuhlala emlilweni niyakukudabulisa emanzini.

Unumeri 31