1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Baphindisele abantwana bakwa-Israyeli kwabakwaMidiyani, andukuba ubuthelwe kubantu bakini.”
3. UMose wayesekhuluma kubantu, wathi: “Hlomiselani impi amadoda phakathi kwenu ukuba ahlasele abakwaMidiyani, aphindisele uJehova kwabakwaMidiyani;
4. kuleso naleso sizwe njalo anoyithuma empini inkulungwane ezizweni zonke zakwa-Israyeli.”
5. Kwase kunikelwa ezinkulungwaneni zakwa-Israyeli inkulungwane kuleso naleso sizwe, izinkulungwane eziyishumi nambili, zihlonyiselwe impi.
6. UMose wabathuma empini, kwaba yinkulungwane kuleso naleso sizwe, bona noFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi, baye naye empini ephethe impahla yendlu engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi esandleni sakhe.
7. Balwa noMidiyani, njengalokho uJehova emyalile uMose, babulala abesilisa bonke.
8. Babulala amakhosi akwaMidiyani kanye nabanye ababulawayo: o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; noBileyamu indodana kaBeyori bambulala ngemkemba.