43. Onke amazibulo esilisa njengokomumo wamagama kusukela kwabanenyanga kuya phezulu alabo ababalwayo kubo ayeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu.
44. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
45. “Thabatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo, amaLevi abe ngawami; nginguJehova.
46. Ukuba kuhlengwe labo abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu bamazibulo abantwana bakwa-Israyeli abadlula amaLevi,
47. uyakuthabatha amashekeli* ayisihlanu ngamunye ngenhloko; ngokweshekeli lendlu engcwele uyakuwathabatha ishekeli lingamagera* angamashumi amabili;
48. umnike u-Aroni namadodana akhe imali umumo wabo odlulelayo ohlengwa ngayo.”
49. UMose wayesethatha imali yokuhlenga kulabo abadlula abahlengiwe ngamaLevi;
50. kuwo amazibulo abantwana bakwa-Israyeli wayithatha imali, amashekeli* ayinkulungwane namakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele.
51. UMose wamnika u-Aroni namadodana akhe imali yokuhlenga njengezwi likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.