25. Imfanelo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba yitabernakele,* netende, nesimbozo salo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,
26. nezilenge zegceke, neveli lomnyango wegceke elingasetabernakele* nangase-altare nxazonke, nezintambo zalo, nayo yonke inkonzo yalokho.
27. KwaKohati kwavela umndeni wama-Amramu, nomndeni wamaJisihari, nomndeni wamaHebroni, nomndeni wama-Uziyeli; yileyo eyimindeni yamaKohati.
28. Njengokomumo wabo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisithupha, begcina inkonzo yendlu engcwele.
29. Imindeni yamadodana kaKohati iyakumisa eceleni kwetabernakele* ngaseningizimu.
30. Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaKohati siyakuba ngu-Elisafani indodana ka-Uziyeli.
31. Okugcinwa yibo kuyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwezibani, nama-altare, nezimpahla zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalokho.
32. U-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.
33. KwaMerari kwavela umndeni wamaMaheli nomndeni wamaMushi; yileyo eyimindeni yamaMerari.
34. Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisithupha namakhulu amabili.
35. Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka-Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele* ngasenyakatho.