18. Lawa angamagama amadodanakaGereshoni ngemindeni yawo:oLibini noShimeyi.
19. Namadodana kaKohati ngemindeniyawo: o-Amramu, noJisihari,noHebroni, no-Uziyeli.
20. Namadodana kaMerari ngemindeniyawo: oMaheli noMushi. Leyoiyimindeni yamaLevi ngezindluzawoyise.
21. KwaGereshoni kwavela umndeni wamaLibini nomndeni wamaShimeyi; yileyo eyimindeni yamaGereshoni.
22. Labo ababalwayo kubo njengokomumo wabesilisa bonke kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ababalwayo kubo babe yizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisihlanu.
23. Imindeni yamaGereshoni iyakumisa emva kwetabernakele* ngasentshonalanga.
24. Isikhulu sendlu kayise wamaGereshoni siyakuba ngu-Eliyasafa indodana kaLayeli.
25. Imfanelo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba yitabernakele,* netende, nesimbozo salo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,
26. nezilenge zegceke, neveli lomnyango wegceke elingasetabernakele* nangase-altare nxazonke, nezintambo zalo, nayo yonke inkonzo yalokho.