1. Lezi ziyizizukulwane zika-Aroni nezikaMose ngalolo suku uJehova akhuluma ngalo kuMose entabeni yaseSinayi.
2. Lawa angamagama amadodana ka-Aroni: uNadabi izibulo, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
3. Yilawo angamagama amadodana ka-Aroni, abapristi abagcotshiweyo, abahlukaniselwa ukukhonza esikhundleni sobupristi.
4. ONadabi no-Abihu bafa phambi kukaJehova, benikela ngomlilo ongafanele ebusweni bukaJehova ehlane laseSinayi; babengenabantwana. Kwase kukhonza o-Eleyazare no-Itamari esikhundleni sobupristi ebusweni buka-Aroni uyise.
5. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
6. “Sondeza isizwe sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni, umpristi, ukuba simkhonze.
7. Bayakugcina izimfanelo zakho nezimfanelo zenhlangano yonke phambi kwetende lokuhlangana ukwenza inkonzo yetabernakele.*
8. Bayakugcina yonke impahla yetende lokuhlangana nezimfanelo zabantwana bakwa-Israyeli ukwenza inkonzo yetabernakele.*
9. Uyakunikela amaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; ayanikelwa ngempela kuye, evela kubantwana bakwa-Israyeli.
10. Uyakumisa u-Aroni namadodana akhe, bagcine ubupristi babo; umfokazi osondelayo uyakubulawa.”
11. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: