18. Ngosuku lokuqala kuyakuba khona umhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi,
19. kepha ninikele ngomnikelo womlilo, umnikelo wokushiswa kuJehova, amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye, zibe ngezingenasici kini,
20. kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, ninikele ngokweshumi okuthathu ngenkunzi nangokweshumi okubili ngenqama,
21. unikele ngokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa,
22. nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana;
23. ninikele ngalokho kanye nomnikelo oshiswa ekuseni, ongumnikelo oshiswa imihla yonke.
24. Niyakunikela kanjalo imihla yonke kube yizinsuku eziyisikhombisa, isinkwa somnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova; kuyakunikelwa ngakho kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.
25. Ngosuku lwesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi.
26. “ ‘Ngosuku lolibo, lapho ninikela ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova emkhosini wenu wamasonto, niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi,
27. kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa wephunga elimnandi: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye,
28. kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngaleyo naleyo nkunzi, nokweshumi okubili ngenqama inye,
29. nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa,
30. nempongo ibe nye ukunenzela ukubuyisana.