13. nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha kube ngumnikelo wempuphu ngaleyo naleyo mvu, umnikelo wokushiswa wephunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
14. Umnikelo wabo wokuphuzwa uyakuba yinxenye yehini* lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini* ngenqama, nokwesine kwehini ngemvu; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke kuzo zonke izinyanga zomnyaka.
15. Nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono kuJehova; kuyakunikelwa ngayo kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.
16. “ ‘Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane lwenyanga kuyiphasika likaJehova.
17. Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga kuyakuba ngumkhosi, kudliwe isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.
18. Ngosuku lokuqala kuyakuba khona umhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi,