1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, niyakuqaphela ukunikela ngawo kimi ngesikhathi sawo.’
3. Wothi kubo: ‘Lo ungumnikelo womlilo eniyakunikela ngawo kuJehova: izimvu zamaduna ezinomnyaka munye ezingenasici, zibe zimbili njalo ngosuku, zibe ngumnikelo oshiswa imihla yonke.
4. Enye imvu uyakunikela ngayo ekuseni, enye imvu unikele ngayo kusihlwa,
5. kanye nokweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo ibe ngumnikelo wempuphu, exovwe nokwesine kwehini* lamafutha agxotshelweyo.
6. Kungumnikelo oshiswa imihla yonke, owamiswa entabeni yaseSinayi ube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
7. Umnikelo wawo wokuphuzwa uyakuba ngokwesine kwehini* ngemvu inye; endaweni engcwele uyakuthululela uJehova umnikelo wokuphuzwa wophuzo olunamandla.
8. Enye imvu uyakunikela ngayo kusihlwa, unikele ngayo ibe njengomnikelo wempuphu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.
9. “ ‘Ngosuku lwesabatha izimvu zamaduna ezimbili ezinomnyaka munye ezingenasici, nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha kanye nomnikelo wawo wokuphuzwa:
10. lokhu kungumnikelo oshiswa amasabatha onke ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.
11. “ ‘Ekwethwaseni kwenyanga niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,
12. kanye nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo ibe ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha ngaleyo naleyo nkunzi, kanye nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha ngenqama inye,
13. nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha kube ngumnikelo wempuphu ngaleyo naleyo mvu, umnikelo wokushiswa wephunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
14. Umnikelo wabo wokuphuzwa uyakuba yinxenye yehini* lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini* ngenqama, nokwesine kwehini ngemvu; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke kuzo zonke izinyanga zomnyaka.
15. Nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono kuJehova; kuyakunikelwa ngayo kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.
16. “ ‘Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane lwenyanga kuyiphasika likaJehova.
17. Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga kuyakuba ngumkhosi, kudliwe isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.