4. Igama likababa liyakusulelwani emndenini wakhe, lokhu engenandodana na? Siphe ifa phakathi kwabafowabo bakababa.”
5. UMose wayiletha indaba yawo phambi kukaJehova.
6. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
7. “Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle; uyakuwanika nokuwanika izwe eliyifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokulidlulisela kuwo ifa likayise.
8. “Wokhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ngokuthi: ‘Uma umuntu efa engenandodana, wolidlulisela ifa lakhe kuyo indodakazi yakhe.
9. Uma engenandodakazi, niyakunika abafowabo ifa lakhe.
10. Uma engenabafowabo, niyakunika abafowabo bakayise ifa lakhe.
11. Uma uyise engenabafowabo, niyakunika isihlobo sakhe esiseduze naye emndenini wabo ifa lakhe, alidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sesahlulelo kubantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.’ ”
12. UJehova wathi kuMose: “Khuphukela entabeni yase-Abarimi, ubheke izwe engibanikile lona abantwana bakwa-Israyeli.
13. Lapho ulibonile, nawe uyakubuthelwa kubantu bakini, njengalokho wabuthwa u-Aroni,
14. ngokuba ehlane laseSini ekulweni kwenhlangano nahlubuka ezwini lami lokungingcwelisa ngasemanzini phambi kwamehlo abo.” Lawa angamanzi aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini.
15. UMose wayesekhuluma kuJehova, wathi:
16. “UJehova uNkulunkulu wemimoya yenyama yonke makamise umuntu phezu kwenhlangano,
17. ongaphuma phambi kwabo, angene phambi kwabo, abakhiphe, abangenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi.”