19. ummise ngaphambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, umnike isikhundla emehlweni abo.
20. Uyakubeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuba yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele.
21. Uyakuma phambi kuka-Eleyazare umpristi oyakumbuzela ngokunquma kwe-Urimi* phambi kukaJehova; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli kanye naye, yebo, yonke inhlangano.”
22. UMose wenza-ke njengalokho uJehova emyalile; wamthatha uJoshuwa, wambeka phambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwenhlangano yonke,
23. wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamnika isikhundla, njengalokho uJehova ekhulumile ngesandla sikaMose.