Unumeri 27:17-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. ongaphuma phambi kwabo, angene phambi kwabo, abakhiphe, abangenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi.”

18. UJehova wathi kuMose: “Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni, umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,

19. ummise ngaphambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, umnike isikhundla emehlweni abo.

20. Uyakubeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuba yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele.

21. Uyakuma phambi kuka-Eleyazare umpristi oyakumbuzela ngokunquma kwe-Urimi* phambi kukaJehova; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli kanye naye, yebo, yonke inhlangano.”

22. UMose wenza-ke njengalokho uJehova emyalile; wamthatha uJoshuwa, wambeka phambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwenhlangano yonke,

23. wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamnika isikhundla, njengalokho uJehova ekhulumile ngesandla sikaMose.

Unumeri 27