Unumeri 27:10-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Uma engenabafowabo, niyakunika abafowabo bakayise ifa lakhe.

11. Uma uyise engenabafowabo, niyakunika isihlobo sakhe esiseduze naye emndenini wabo ifa lakhe, alidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sesahlulelo kubantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.’ ”

12. UJehova wathi kuMose: “Khuphukela entabeni yase-Abarimi, ubheke izwe engibanikile lona abantwana bakwa-Israyeli.

13. Lapho ulibonile, nawe uyakubuthelwa kubantu bakini, njengalokho wabuthwa u-Aroni,

14. ngokuba ehlane laseSini ekulweni kwenhlangano nahlubuka ezwini lami lokungingcwelisa ngasemanzini phambi kwamehlo abo.” Lawa angamanzi aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini.

15. UMose wayesekhuluma kuJehova, wathi:

16. “UJehova uNkulunkulu wemimoya yenyama yonke makamise umuntu phezu kwenhlangano,

17. ongaphuma phambi kwabo, angene phambi kwabo, abakhiphe, abangenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi.”

18. UJehova wathi kuMose: “Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni, umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,

19. ummise ngaphambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, umnike isikhundla emehlweni abo.

Unumeri 27