Unumeri 27:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwase kusondela amadodakazi kaSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase, awemindeni kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.

2. Ema phambi kukaMose naphambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kwezikhulu, naphambi kwayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi:

3. “Ubaba wafela ehlane; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana.

4. Igama likababa liyakusulelwani emndenini wakhe, lokhu engenandodana na? Siphe ifa phakathi kwabafowabo bakababa.”

5. UMose wayiletha indaba yawo phambi kukaJehova.

6. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

7. “Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle; uyakuwanika nokuwanika izwe eliyifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokulidlulisela kuwo ifa likayise.

8. “Wokhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ngokuthi: ‘Uma umuntu efa engenandodana, wolidlulisela ifa lakhe kuyo indodakazi yakhe.

9. Uma engenandodakazi, niyakunika abafowabo ifa lakhe.

10. Uma engenabafowabo, niyakunika abafowabo bakayise ifa lakhe.

11. Uma uyise engenabafowabo, niyakunika isihlobo sakhe esiseduze naye emndenini wabo ifa lakhe, alidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sesahlulelo kubantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.’ ”

Unumeri 27