Unumeri 25:8-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. wamlandela umuntu wakwa-Israyeli, wangena etendeni, wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli.

9. Abafayo ngaleso sifo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.

10. UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi:

11. “UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwa-Israyeli ngomhawu wami.

12. Ngalokho yisho ukuthi: ‘Bheka, ngiyamnika isivumelwano sami sokuthula;

13. siyakuba kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade, ngokuba wayenomhawu ngoNkulunkulu wakhe, wabenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ”

14. Igama lendoda yakwa-Israyeli eyabulawa, eyabulawa kanye nowesifazane wakwaMidiyani, lalinguZimri indodana kaSalu, isikhulu sendlu kayise phakathi kwabakwaSimeyoni.

15. Igama lowesifazane wakwaMidiyani owabulawa lalinguKozibi indodakazi kaSuri owayeyinhloko yabantu bendlu kayise kwaMidiyani.

16. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

17. “Khathaza abakwaMidiyani, ubashaye,

Unumeri 25