Unumeri 25:3-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. U-Israyeli wazihlanganisa noBali Peyori. Intukuthelo kaJehova yayisimvuthela u-Israyeli.

4. UJehova wathi kuMose: “Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye ku-Israyeli.”

5. UMose wathi kubo abahluleli bakwa-Israyeli: “Bulalani, kube yilowo nalowo abantu bakhe abazihlanganisile noBali Peyori.”

6. Bheka, umuntu wabantwana bakwa-Israyeli wafika eletha kubafowabo owesifazane wakwaMidiyani emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli, besakhala ngasemnyango wetende lokuhlangana.

7. Esekubona uFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi wavuka ephakathi kwenhlangano, wathatha umkhonto ngesandla sakhe,

8. wamlandela umuntu wakwa-Israyeli, wangena etendeni, wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli.

9. Abafayo ngaleso sifo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.

10. UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi:

11. “UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwa-Israyeli ngomhawu wami.

12. Ngalokho yisho ukuthi: ‘Bheka, ngiyamnika isivumelwano sami sokuthula;

13. siyakuba kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade, ngokuba wayenomhawu ngoNkulunkulu wakhe, wabenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ”

14. Igama lendoda yakwa-Israyeli eyabulawa, eyabulawa kanye nowesifazane wakwaMidiyani, lalinguZimri indodana kaSalu, isikhulu sendlu kayise phakathi kwabakwaSimeyoni.

15. Igama lowesifazane wakwaMidiyani owabulawa lalinguKozibi indodakazi kaSuri owayeyinhloko yabantu bendlu kayise kwaMidiyani.

Unumeri 25