2. ngokuba babiza abantu ukuba beze emihlatshelweni yawonkulunkulu babo; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo.
3. U-Israyeli wazihlanganisa noBali Peyori. Intukuthelo kaJehova yayisimvuthela u-Israyeli.
4. UJehova wathi kuMose: “Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye ku-Israyeli.”
5. UMose wathi kubo abahluleli bakwa-Israyeli: “Bulalani, kube yilowo nalowo abantu bakhe abazihlanganisile noBali Peyori.”
6. Bheka, umuntu wabantwana bakwa-Israyeli wafika eletha kubafowabo owesifazane wakwaMidiyani emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli, besakhala ngasemnyango wetende lokuhlangana.
7. Esekubona uFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi wavuka ephakathi kwenhlangano, wathatha umkhonto ngesandla sakhe,
8. wamlandela umuntu wakwa-Israyeli, wangena etendeni, wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli.
9. Abafayo ngaleso sifo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.