15. Igama lowesifazane wakwaMidiyani owabulawa lalinguKozibi indodakazi kaSuri owayeyinhloko yabantu bendlu kayise kwaMidiyani.
16. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
17. “Khathaza abakwaMidiyani, ubashaye,
18. ngokuba bayanikhathaza nina ngamacebo abanikhohlise ngawo endabeni kaPeyori nangendaba kaKozibi indodakazi yesikhulu sakwaMidiyani, udadewabo, owabulawa ngosuku lwesifo ngendaba kaPeyori.”