Unumeri 23:20-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Bheka, ngiyaliwe ukubusisa;yena ubusisile, anginakukubuyisa.

21. Akabonanga ingozi kuJakobe,akabukanga nankathazo kwa-Israyeli.UJehova uNkulunkulu wakhe unaye,nesenanelo senkosi siphakathi kwabo.

22. UNkulunkulu wabakhipha eGibithe;unjengezimpondo zenyathi kubo.

23. Ayikho imilingo engamelananoJakobe;akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli;manje sekuyashiwo ngoJakobe nango-Israyeliukuthi uNkulunkulu wenzeni.

24. Bheka, abantu bavukanjengengonyamakazi,nanjengengonyama bayaziphakamisa;abayikulala phansi, bengakayidli impango,baphuze igazi lababuleweyo.”

25. UBalaki wayesethi kuBileyamu: “Ungabaqalekisi nokubaqalekisa, futhi ungababusisi nokubabusisa.”

26. Kepha uBileyamu waphendula, wathi kuBalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke uNkulunkulu akukhulumayo ngiyakukwenza na?”

27. Wathi uBalaki kuBileyamu: “Ake uze, ngikuyise kwenye indawo; mhlawumbe kungaba kuhle emehlweni kaNkulunkulu ukuba ungiqalekisele bona uselapho.”

28. UBalaki wamyisa uBileyamu esiqongweni sasePeyori elibheke ngenzansi ngasehlane.

29. UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Ngakhele lapha ama-altare ayisikhombisa, ungilungisele izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.”

30. UBalaki wenza-ke njengalokho eshilo uBileyamu; wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.

Unumeri 23