Unumeri 23:18-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Wayesethatha isisho sakhe, wathi:“Vuka, Balaki, uzwe;ngilalele, wena ndodana kaSipori:

19. uNkulunkulu akasiye umuntu ukubaaqambe amanga,nandodana yomuntu ukuba azisole;ushilo, angayikukwenza, na?Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?

20. Bheka, ngiyaliwe ukubusisa;yena ubusisile, anginakukubuyisa.

21. Akabonanga ingozi kuJakobe,akabukanga nankathazo kwa-Israyeli.UJehova uNkulunkulu wakhe unaye,nesenanelo senkosi siphakathi kwabo.

22. UNkulunkulu wabakhipha eGibithe;unjengezimpondo zenyathi kubo.

23. Ayikho imilingo engamelananoJakobe;akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli;manje sekuyashiwo ngoJakobe nango-Israyeliukuthi uNkulunkulu wenzeni.

24. Bheka, abantu bavukanjengengonyamakazi,nanjengengonyama bayaziphakamisa;abayikulala phansi, bengakayidli impango,baphuze igazi lababuleweyo.”

25. UBalaki wayesethi kuBileyamu: “Ungabaqalekisi nokubaqalekisa, futhi ungababusisi nokubabusisa.”

26. Kepha uBileyamu waphendula, wathi kuBalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke uNkulunkulu akukhulumayo ngiyakukwenza na?”

Unumeri 23