12. Waphendula wathi: “Angiyikuqaphela ukukhuluma lokhu uNkulunkulu akufakile emlonyeni wami na?”
13. UBalaki wayesethi kuye: “Ake uze nami, siye kwenye indawo, lapho ungababona khona; uyakubona inxenye yabo kuphela, ungaboni bonke; ungiqalekisele bona uselapho.”
14. Wamyisa ensimini yaseSofimu esiqongweni sasePisiga, wakha ama-altare ayisikhombisa, wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.
15. Wathi kuBalaki: “Yima lapha ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngilinde laphaya.”
16. UJehova wayesehlangana noBileyamu, wafaka izwi emlonyeni wakhe, wathi: “Buyela kuBalaki, ukhulume kanje.”
17. Wayesefika kuye; bheka, wayemi ngasemnikelweni wakhe wokushiswa, izikhulu zakwaMowabi zinaye. UBalaki wathi kuye: “UJehova ukhulume ngokuthini na?”
18. Wayesethatha isisho sakhe, wathi:“Vuka, Balaki, uzwe;ngilalele, wena ndodana kaSipori:
19. uNkulunkulu akasiye umuntu ukubaaqambe amanga,nandodana yomuntu ukuba azisole;ushilo, angayikukwenza, na?Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?
20. Bheka, ngiyaliwe ukubusisa;yena ubusisile, anginakukubuyisa.