Unumeri 23:12-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Waphendula wathi: “Angiyikuqaphela ukukhuluma lokhu uNkulunkulu akufakile emlonyeni wami na?”

13. UBalaki wayesethi kuye: “Ake uze nami, siye kwenye indawo, lapho ungababona khona; uyakubona inxenye yabo kuphela, ungaboni bonke; ungiqalekisele bona uselapho.”

14. Wamyisa ensimini yaseSofimu esiqongweni sasePisiga, wakha ama-altare ayisikhombisa, wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.

Unumeri 23