Unumeri 22:25-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova, yazigqula odongeni, yalimaza unyawo lukaBileyamu ngasodongeni; wabuye wayishaya.

26. Ingelosi kaJehova yaqhubeka yema endaweni eminyeneyo, lapho kwakungekho khona indlela yokujika ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.

27. Imbongolo yayibona ingelosi kaJehova, yalala phansi kukaBileyamu; intukuthelo kaBileyamu yavutha, wayishaya imbongolo ngenduku yakhe.

28. UJehova wavula umlomo wembongolo, yathi kuBileyamu: “Ngenzeni kuwe ukuba ungishaye kathathu na?”

29. UBileyamu wathi embongolweni: “Ngokuba ungiswabulele; sengathi ngabe kukhona inkemba esandleni sami, ngokuba ngabe sengikubulele.”

30. Kepha imbongolo yathi kuBileyamu: “Angisiyo imbongolo yakho oyikhwele konke ukuhamba kwakho kuze kube manje na? Ngangivama ukwenza kanjalo kuwe na?”Wathi: “Qha.”

31. UJehova wayesevula-ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe.

32. Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? Bheka, ngiphumele ukumelana nawe, ngokuba indlela yakho iyingozi phambi kwami;

33. imbongolo yangibona, yachezuka phambi kwami kathathu; uma ibingachezukanga kimi, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona.”

34. Wathi uBileyamu kuyo ingelosi kaJehova: “Ngonile; ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni umelene nami; ngalokho uma kukubi emehlweni akho, ngiyakubuyela emuva.”

Unumeri 22