Unumeri 22:11-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. ‘Bheka, abantu abaphumile eGibithe basibekela ubuso bomhlaba; woza kalokhu, ungiqalekisele bona; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukulwa nabo, ngibaxoshe.’ ”

12. UNkulunkulu wathi kuBileyamu: “Awuyikuhamba nawo; awuyikuqalekisa abantu, ngokuba babusisiwe.”

13. UBileyamu wavuka ekuseni, wathi kuzo izikhulu zikaBalaki: “Buyelani ezweni lakini, ngokuba uJehova uyangalela ukuba ngihambe nani.”

14. Izikhulu zakwaMowabi zasuka, zaya kuBalaki, zathi: “UBileyamu uyala ukufika nathi.”

15. UBalaki wabuye wathuma izikhulu, ziningi, zidumile kunezokuqala.

16. Zafika kuBileyamu, zathi kuye: “Usho kanje uBalaki indodana kaSipori, uthi: ‘Ake ungavinjwa lutho ukuza kimi,

17. ngokuba ngiyakukunika udumo olukhulu, nakho konke ongitshela khona ngiyakukwenza; ake uze ngalokho manje, ungiqalekisele laba bantu.’ ”

18. UBileyamu waphendula wathi kuzo izinceku zikaBalaki: “Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova uNkulunkulu wami ukwenza okuncane nokukhulu.

19. Ngalokho ake nihlale nani lapha lobu busuku, ukuze ngazi ukuthi uJehova useyakukhulumani kimi futhi.”

20. UNkulunkulu weza kuBileyamu ebusuku, wathi kuye: “Uma amadoda efika ukukubiza, vuka uhambe nawo; kepha lelo zwi kuphela engilikhuluma kuwe uyakulenza.”

21. UBileyamu wavuka ekuseni, wabophela imbongolo yakhe, wahamba nezikhulu zakwaMowabi.

22. Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngokuba wahamba; ingelosi kaNkulunkulu yema endleleni ukuba imelane naye. Wayekhwele imbongolo yakhe, izinceku zakhe ezimbili zinaye.

23. Imbongolo yabona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; imbongolo yachezuka endleleni, yaya ensimini, kepha uBileyamu wayishaya imbongolo ukuyibuyisela endleleni.

Unumeri 22