1. Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko.
2. UBalaki indodana kaSipori wabona konke akwenzile u-Israyeli kuwo ama-Amori.
3. UMowabi wayesesaba kakhulu abantu, ngokuba babebaningi; uMowabi waba nosizi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.
4. UMowabi wathi kumalunga akwaMidiyani: “Manje leli bandla liyakukhotha konke okungakithi nxazonke, njengalokhu inkabi ikhotha utshani bedlelo.”UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.
5. Wathuma izithunywa kuBileyamu indodana kaBeyori ePethori elingasemfuleni ezweni labantwana babantu bakhe ukumbiza ngokuthi: “Bheka, nampa abantu abaphumile eGibithe; bheka, basibekela ubuso bomhlaba; sebehlala malungana nami;
6. ngalokho ake uze manje, ungiqalekisele laba bantu, ngokuba bayangahlula; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukuba sibanqobe, ngibaxoshe ezweni, ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”