Unumeri 20:6-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. OMose no-Aroni basuka ebusweni bebandla ukuya ngasemnyango wetende lokuhlangana, bawa ngobuso babo; inkazimulo kaJehova yabonakala kubo.

7. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

8. “Thabatha intonga, ubuthe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo; uyakubavezela amanzi edwaleni, ukuze unike inhlangano nezinkomo zayo ukuphuza.”

9. UMose wathabatha intonga phambi kukaJehova, njengalokho eyalile.

10. OMose no-Aroni babutha ibandla phambi kwedwala; wathi-ke kubo: “Yizwani manje nina bahlubuki; siyakunivezela yini amanzi kuleli dwala na?”

11. UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya idwala kabili ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi, inhlangano yaphuza kanye nezinkomo zayo.

12. UJehova wathi kuMose naku-Aroni: “Njengokuba anikholwanga yimi ukungingcwelisa emehlweni abantwana bakwa-Israyeli, ngalokho aniyikungenisa leli bandla ezweni engibanike lona.”

13. Lokhu kwakungamanzi aseMeriba, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balwa noJehova, wangcweliswa kubo.

14. UMose wathuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi, zisuka eKadeshi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyazazi zonke izinkathazo ezisehlele

15. ukuthi obaba behlela eGibithe, sahlala eGibithe isikhathi eside; abaseGibithe basiphatha kabi thina nawobaba;

16. lapho sakhala kuJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibithe; bheka sesiseKadeshi, umuzi oseceleni komkhawulo wakho;

17. ake sidabule izwe lakho; asiyikudabula amasimu nezivini, singaphuzi amanzi emithombo; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, singajiki ngakwesokunene nangakwesokhohlo size sidlule umkhawulo wakho.’ ”

18. U-Edomi wathi kuye: “Awuyikudabula kimi, funa ngikusukele ngenkemba.”

19. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuye: “Siyakukhuphuka ngomgwaqo; uma siphuza amanzi akho, mina nezinkomo zami, ngiyakukhokhela imali yawo. Mangidabule nje ngezinyawo zami, kungabi ngokunye.”

20. Kepha wathi: “Awuyikudabula.”U-Edomi wayesephuma wamsukela nabantu abaningi nesandla esinamandla.

21. Kanjalo u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule izwe lakhe; ngalokho u-Israyeli wachezuka kuye.

22. Basuka eKadeshi; abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika entabeni yaseHori.

Unumeri 20