Unumeri 20:20-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Kepha wathi: “Awuyikudabula.”U-Edomi wayesephuma wamsukela nabantu abaningi nesandla esinamandla.

21. Kanjalo u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule izwe lakhe; ngalokho u-Israyeli wachezuka kuye.

22. Basuka eKadeshi; abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika entabeni yaseHori.

23. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni entabeni yaseHori ngasemkhawulweni wezwe lakwa-Edomi, wathi:

24. “U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, ngokuba akayikungena ezweni engibanike lona abantwana bakwa-Israyeli, lokhu nahlubuka ezwini lami ngasemanzini aseMeriba.

25. Thabatha o-Aroni no-Eleyazare, indodana yakhe, ubakhuphulele entabeni yaseHori,

26. umkhumule u-Aroni izambatho zakhe, uzifake ku-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, afele khona.”

27. UMose wenza njengalokho uJehova eyalile; bakhuphukela entabeni yaseHori emehlweni enhlangano yonke.

28. UMose wamkhumula u-Aroni izambatho zakhe, wazifaka ku-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni wafela khona esiqongweni sentaba; oMose no-Eleyazare behla entabeni.

29. Lapho inhlangano yonke ibona ukuthi u-Aroni ufile, bamlilela u-Aroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu yakwa-Israyeli.

Unumeri 20