Unumeri 20:17-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. ake sidabule izwe lakho; asiyikudabula amasimu nezivini, singaphuzi amanzi emithombo; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, singajiki ngakwesokunene nangakwesokhohlo size sidlule umkhawulo wakho.’ ”

18. U-Edomi wathi kuye: “Awuyikudabula kimi, funa ngikusukele ngenkemba.”

19. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuye: “Siyakukhuphuka ngomgwaqo; uma siphuza amanzi akho, mina nezinkomo zami, ngiyakukhokhela imali yawo. Mangidabule nje ngezinyawo zami, kungabi ngokunye.”

20. Kepha wathi: “Awuyikudabula.”U-Edomi wayesephuma wamsukela nabantu abaningi nesandla esinamandla.

21. Kanjalo u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule izwe lakhe; ngalokho u-Israyeli wachezuka kuye.

22. Basuka eKadeshi; abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika entabeni yaseHori.

23. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni entabeni yaseHori ngasemkhawulweni wezwe lakwa-Edomi, wathi:

24. “U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, ngokuba akayikungena ezweni engibanike lona abantwana bakwa-Israyeli, lokhu nahlubuka ezwini lami ngasemanzini aseMeriba.

25. Thabatha o-Aroni no-Eleyazare, indodana yakhe, ubakhuphulele entabeni yaseHori,

Unumeri 20