1. Abantwana bakwa-Israyeli, yonke inhlangano, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona futhi.
2. Kwakungekho manzi lapho kuyo inhlangano; babahlanganyela oMose no-Aroni.
3. Abantu balwa noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi ngabe safa ekufeni kwabafowethu phambi kukaJehova.
4. Niletheleni ibandla likaJehova kuleli hlane, ukuze sifele lapha, thina nezinkomo zethu, na?
5. Nasikhuphulelani eGibithe, ukuze silethwe kule ndawo embi, na? Akusiyo indawo yembewu, noma eyamakhiwane, noma eyemivini, noma eyamapomegranati,* kungekho futhi amanzi okuphuza.”
6. OMose no-Aroni basuka ebusweni bebandla ukuya ngasemnyango wetende lokuhlangana, bawa ngobuso babo; inkazimulo kaJehova yabonakala kubo.