Unumeri 2:30-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.

31. Bonke ababalwayo bekamu lakwaDani babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu ayisithupha. Labo bayakusuka babe ngabokugcina namabhanela* abo.

32. Yilabo ababalwayo kubantwana bakwa-Israyeli ngezindlu zawoyise; bonke ababalwayo bamakamu ngamabandla abo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.

33. Kepha amaLevi ayengabalwa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.

34. Benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli: njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, kanjalo bamisa ngasemabhaneleni* abo, kanjalo basuka, kwaba yilowo nalowo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise.

Unumeri 2