Unumeri 2:19-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.

20. Eceleni kwakhe kuyakuba khona isizwe sakwaManase; isikhulu sabantwana bakwaManase siyakuba nguGamaliyeli indodana kaPedasuri.

21. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili.

22. Nesizwe sakwaBenjamini; isikhulu sabantwana bakwaBenjamini siyakuba ngu-Abidani indodana kaGideyoni.

23. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.

24. Bonke ababalwayo bekamu lakwa-Efrayimi babe yizinkulungwane eziyikhulu nesishiyagalombili nekhulu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesithathu.

25. Ibhanela* lekamu lakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaDani siyakuba ngu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.

26. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.

27. Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwa-Asheri; isikhulu sabantwana bakwa-Asheri siyakuba nguPagiyeli indodana ka-Okirani.

28. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.

29. Nesizwe sakwaNafetali: isikhulu sabantwana bakwaNafetali siyakuba ngu-Ahira indodana ka-Enani.

30. Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.

31. Bonke ababalwayo bekamu lakwaDani babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu ayisithupha. Labo bayakusuka babe ngabokugcina namabhanela* abo.

32. Yilabo ababalwayo kubantwana bakwa-Israyeli ngezindlu zawoyise; bonke ababalwayo bamakamu ngamabandla abo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.

33. Kepha amaLevi ayengabalwa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.

34. Benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli: njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, kanjalo bamisa ngasemabhaneleni* abo, kanjalo basuka, kwaba yilowo nalowo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise.

Unumeri 2